Impilo kaMagema Fuze kanye nemibhalo yakhe: Ukulandelana kwezenzakalo ngezikhathi

English version

English version

Impilo kaMagema Fuze kanye nemibhalo yakhe: Ukulandelana kwezenzakalo ngezikhathi

UMagema Fuze wayeyingxenye futhi ephawula ngezenzakalo eziqavile zenkathi yokuphila kwakhe. Loluhlelo lokulandelana kwezenzakalo ngezikhathi luqukethe kokubili: izenzakalo ezisemqoka empilweni kaFuze kanye nemibhalo enhlobonhlobo ayikhiqiza.

c.1844
UManawami Fuze wazalelwa eduze kwasePietermaritzburg, eKoloni laseNatali, ngemuva nje kokubunjwa kwalelokoloni ngonyaka ka-1843, elabe selidliwa ngamaNgisi ngonyaka ka-1844.
c. 1850/1

Esengumfana cishe ominyaka iyisithupha kumbe isikhombisa, uFuze wayebizwa ngokuthi nguSkelemu. UTrevor Cope uma eqagula uthi cishe leligama lalivela kwelesiBhunu elithi ‘skelm’, okuyinkomba yokuthi uFuze wayengumntwana oganga gangile futhi ehlale elubalubela ukwazi ngezinto.

UJohn Colenso

UFuze eneminyaka cishe engu-12 (ishumi nambili), washiya ikhaya lakubo wayoba ngomunye wabafundi esikoleni sikaBishop John Colenso, Ekukhanyeni, emzini owaziwa ngokuthi iBishopstowe. Ngawo lonyaka kwaqubuka impi yaseNdondakusuka phakathi kwabantwana basebukhosini oMbuyazi noCetshwayo bebanga ubundlalifa besikhundla sobukhosi bakwaZulu. Ngemuva kokufa kukaMbuyazi kuleyompi, omunye wabantwana, uMkhungo, wabalekela kuColenso. Leyompi yaba ngumhlahlandlela wokuthi nakuba uyise wayesadla anhlavana, uMntwana uCetshwayo abe eqala ukubamba izintambo zombuso wakwaZulu.

UFuze wabhala indatshana enesihloko esithi ‘Amazwi Abantu’, mayelana nokuguqukela enkolweni yobuKrestu kanye nempilo yakhe yansukuzonke yasEkukhanyeni.

 

UFuze wabhabhadiswa wangena enkolweni yobuKrestu. Igama elithi ‘Magema’ walethwa nguColenso. UFuze futhi wathabatha uhambo lwakhe lokuqala olubheke ezweni lombuso wakwaZulu, ehamba noColenso kanye noWilliam Ngidi. Wayenikezwe umyalelo wokuloba ngakho konke okwakwenzeka usuku nosuku.

Imibhalo kaFuze yansukuzonke ngezenzakalo ahlangabezana nazo ezweni lombuso wakwaZulu kanye nohambo olwalubheke khona, yashicilelwa yaba yingxenye yencwadi kaColenso esihloko sithi Three Native Accounts of the Visit of the Bishop of Natal.  Ekushicilelweni kwaleyoncwadi kwaba ngokokuqala ngqa ukuba igama likaFuze livele njengombhali.

UFuze wachitha izinyanga ezingu-12 (ishumi nambili) ehlezi nomndeni wakhe kulandela ukuvalwa kwasEkukhanyeni, ngenxa yengembe yamahlebezi ayethi uCetshwayo wayeceba ukulanda ngendluzula umfowabo uMkhungo owayebalekele kuColenso ngemuva kwempi yaseNdondakusuka.

UFuze wabuyela eBishopstowe esezosebenza njengomphathi omkhulu wokucindezelwa kwezincwadi Ekukhanyeni. Ngawo lonyaka kwashicilelwa incwadi kaColenso eyayingalesosikhathi yayingathandwa futhi ithathwa njengehlazayo, esihloko sayo sithi The Pentateuch and the Book of Joshua Critically Examined. Lencwadi yayiphonsa inselelo yokungabaza ngobuqiniso bezingxenye ezithile zeBhayibheli futhi yaqubula okukhulu ukugxekwa ngamaNgisi aphesheya kanye nalawo ayizifiki ekoloni. Ngokungaqondile kuwo ngqo, kodwa inhlokomo eyaqutshulwa yilencwadi yaba nomthelela emakholweni kaColenso, kuhlanganise noFuze. Phela uColenso wayebhale lencwadi isekelwe ezingxoxweni zakhe kanye namakholwa akhe (ikakhulukazi uWilliam Ngidi, kodwa kanye naye uFuze).

 

INkosi uMpande wadlula emhlabeni, wabe uCetshwayo esethatha ubukhosi.

UCetshwayo

INkosi yamaHlubi uLangalibalele waboshwa ngokusolwa ngokuvukela umbuso weKoloni laseNatali. UFuze, ekanye noWilliam Ngidi, nabanye abahlali basEkukhanyeni, basiza uColenso ukuvikela uLangalibalele. UFuze waba ngumlobi walokho okwakwenzeka, waba ngumphenyi, futhi waba ngufakazi kulelocala.

ULangalibalele

29 November 1873

Pine informed the Colonial Office in London that “we intend to clear the two locations… and to repeople them entirely by white settlers.” (C.1025 p 19)

UFuze wasayina uhlu lwezikhalazo olwalubhalwe ngumphakathi wamakholwa aseNatali efuna incazelo ngokuba kwawo izikhonzi ngaphansi kwamaNgisi. Kusukela kulesosigameko uFuze waboshwa watoka isikhashana.

UFuze wahambela ezweni lombuso wakwaZulu ukuyophenya ngamahlebezi ayethi uCetshwayo wayebulala labo ababezinikela enkolweni yobuKrestu. Lapha uFuze wabamba izingxoxo ezinde noCetshwayo.

UFuze washicilela kwi Macmillan’s Magazine, umbhalo ngaphansi kwesihloko esithi  ‘A Visit to King Ketshwayo’, owawumayelana nokuhambela kwakhe ezweni lombuso wakwaZulu onyakeni ongaphambilini. Lombhalo wawuvikela uCetshwayo ekubhecweni kwakhe nokuhlanekezela ngokuthi wayebulala abantu ababezinikela enkolweni yobuKrestu.

Umbuso wakwaZulu wahlaselwa wahlulwa ngamaNgisi, wabe usungena ngaphansi kokuphathwa yiwo amaNgisi. Ngemuva kwaleyompi, ukuxhumana phakathi kukaFuze nabasebukhosini bakwaZulu baqina. UFuze wasebenzisana noColenso ukuveza obala iqhaza elabanjwa yizikhulu zekoloni ukususa uthuthuva olwaqalisa leyompi. Umsebenzi kaFuze kwakungukucindezela akhiqizwe akhiqize imibhalo kaColenso yokuhlaziya ezepolitiki.

Online from: 8 June 2022

Revision history

Edited at 2024-06-12 11:09:17 by Vanessa Chen
Edited at 2024-05-27 13:33:49 by Vanessa Chen
Edited at 2024-05-27 13:25:46 by Vanessa Chen
Edited at 2024-02-21 13:13:52 by Deon Schreiber
Edited at 2023-10-16 15:17:51 by Deon Schreiber
Edited at 2023-08-24 19:49:02 by Henry Fagan
Edited at 2023-08-24 19:44:36 by Henry Fagan
Edited at 2023-01-23 13:38:31 by Vanessa Chen
Edited at 2023-01-23 12:25:18 by Vanessa Chen
Edited at 2022-06-24 11:36:47 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-24 09:56:11 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-13 18:12:21 by Deon Schreiber
Edited at 2022-06-13 18:11:21 by Deon Schreiber
Edited at 2022-06-10 11:55:44 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:13:16 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:12:43 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:11:04 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:09:42 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:07:05 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:05:45 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-09 14:03:49 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:24:16 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:24:04 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:22:55 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:22:42 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:20:55 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:18:59 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:17:54 by Henry Fagan
Edited at 2022-06-08 14:15:21 by Henry Fagan