Lena yipodcast yokuqala kumapodcast amane akhuluma ngodaba lokucekelwa phansi kobukhosi bamaHlubi beNkosi uLangalibalele kaMthimkhulu Hadebe, yiziphathimandla zamaNgisi ekoloni yaseNatali ngeminyaka yawo-1870. Loludaba lwabhalwa yivukandlela uMagema Magwaza Fuze ochungechungeni lwemibhalo eyakhishwa yiphephandaba Ilanga lase Natali ngo -1915 kanye nango Mandulo ngonyaka ka1919 kuya kuMasingana ngonyaka ka 1920. Lamapodcast asebenzisa ngobunjalo bawo amazwi abhalwa ngu Fuze.
Kule mibhalo uFuze ukuthatha akubeke ngomlando wokuqulwa kwecala leNkosi uLangalibalele kanye nezinxushunxushu zezombusazwe ezalandela kubaphathi bekoloni eNatali kanye neBrithani eyayiphethe amazwe. Ubuye achaze ngokungazwani okwaku ngalindelekile phakathi kukaMbhishobhi Colenso noTheophilus Shepstone, owayekade enguNobhala woMnyango kaNdaba Zabantu eNatal iminyaka ecela emashumini amathathu. Phambilini uUColenso noShepstone babebona ngaso linye kwezombusazwe, futhi bengamathe nolimi isikhathi eside. Ingxabano enzima phakathi kwabo yaqala lapho umbhishobhi ethola ukuthi uShepstone nezinye izikhulu zamakoloni babesebenza ngasese beqamba amanga okubeka icala uLangalibalele. Babethi nguye phela owasusa udweshu lokuvukela umbuso, izinsolo uColenso aziphika esidlangalaleni. Okugqame kakhulu ngodaba oluxoxwa uFuze ukuthi lubhalwe umAfrika owazibonela lento akhulama ngayo. Kulama podcast sethula ingxoxo mlando kaFuze ngamazwi akhe.
ISIQEPHU SOKUQALA: Umlando wamaHlubi phambi kokufika kwabamhlophe
Lepodcast imayelana nemuva leNkosi uLangalibalele noMagema Fuze, kanti futhi iqhubeka namazwi kaMagema Fuze elandisa ngodaba ‘lwamaHlubi ngesakhathi kusabusa iSilo sama Zulu iNkosi uShaka’ (12 & 19 September 1919), ‘uMtetwa liyashintsha igama lakhe ubanguLangalibalele’ (19 September 1919) bese ‘AmaHlubi ashiya umbuso wakwaZulu awelela ngaphesheya eNatali ngonyaka ka 1848’ (3 December 1915 & 19 September 1919).
ISIQEPHU SESIBILI: Ingxabano nohulumeni waseNatali
Kulepodcast elandelayo sizozwa amazwwi kaMagema Fuze elanda ‘ngokuwola izibhamu kwamaHlubi’ (3 December 1915, 18 April 1919 & 26 September 1919), ‘Uhulumeni wamaNgisi uyavungama ngokubhebhetheka kwezibhamu kumaHlubi’ (10 December 1915, 26 September 1919, 3 October 1919 & 12 December 1919), kanye ‘nokuthunyelwa kwesigijimi uMahoyiza khona phela ezojuba uLangalibalele ukuba azethule kuziphathimandla’ (18 & 25 April 1919, 3 & 10 October 1919)
ISIQEPHU SESITHATHU: Icala nokumelwa kukaLangalibalele ezinkantolo
Kule podcast elandelayo uzozwa amazwi kaMagema Fuze exoxa ‘Ngamasosha abopha uLangalibalele eLesotho ngasekupheleni kukanyaka ka 1873’ (25 April 1919 & 28 November 1919), ‘Ukuqulwa kwecala likaLangalibalele nokungenelela kuka Colenso’ (17, 24 & 31 October 1919 & 28 November 1919), uSobantu ulwela amalungelo kaLangalibalele (8 September 1916 & 31 October 1919).
ISIQEPHU SESINE: Ukudingiswa nokukhothama kukaLangalibalele
Kule podcast uzozwa amazwi kaMagema Fuze exoxa, ‘NgoNcwaba ka 1874, uLangalibalele wadingiselwa eKapa’ (8 September 1916, 25 April 1919, 31 October 1919 & 14 November 1919 & 12 December 1919), ‘Ngonyaka ka 1887 uhulumeni waseNatali wabuyisa uLangalibalele ekudingisweni’ (8 September 1916, 14 November 1919 & 26 December 1919), kanye nokuthi ‘Langalibalele uyakhothama ngonyaka ka 1889’ (2 January 1920).
Share this:
Abasebenze KulePodcast
Lama-podcast ahlanganiswe yi-Five Hundred Year Archive ezinze e-Yunivesithi yase Kapa. Ididiyelwe yi-Showcast Media.
Kule-podcast umlandi bekunguSandile Ngidi. Obefunda amazwi alotshwa nguMagema Magwaza Fuze, kunguMwelela Cele. Isimo samazwi alama-podcast silungiselwe ukufundwa nguSizakele Gumede, uCarolyn Hamilton, uJohn Wright, uMwelela Cele kanye noSteve Kotze. Umculo uqanjwe futhi wadlalwa nguThokozani Mhlambi.

EMANDULO
EMANDULO is an experimental digital platform, in ongoing development, for engaging with resources pertinent to southern African history before colonialism across what is today eSwatini, KwaZulu-Natal, Lesotho, and the Eastern Cape.